isithununu
Ummomo

IsiZulu
[hlela]uMsukagama
[hlela]Elithi isithununu lihlanganisa isiqalo isi + thununu
Ibizonto
[hlela]isithununu (ubuningi izithununu)
- umuntu oyisigqila, odelelekile osemazingeni aphansi ngokwenhlalo
- wayekade eyisithununu sabelungu eThekwini
- she was a slave of whites in Durban
- wayekade eyisithununu sabelungu eThekwini
- inguxa ekhandelwe ukulekelela abantu ngemisebenzi eyingozi, uhlobo lwesigqila esikhandiwe
- imisebenzi eyingozi seyizokwenziwa yizithununu
- dangerous tasks will be given to robots
- imisebenzi eyingozi seyizokwenziwa yizithununu
Ukusetshenziswa
[hlela]Elithi isithununu linomqondo ofanayo nelithi robot, womabili asho isigqila, ayebhekisela kubantu, Kodwa namuhla sewabhekisela ezinguxeni ezikhandiwe nezihleleliswayo
Amabizo amqondofana
[hlela]isigqila
Amagama asuselwa kulo
[hlela]isithununu esingamuntu, isithununu esintintayo, isithununu esizihlelelekayo, isithununu sezempi
