Some uncommon legal terms in Zulu

Mayelana Wiktionary

Stalingrad defense strategy: Leli yisu lokucikela phansi ummangali ngokuphikisa noma yini okufakelwa ngummangali. Lapha ummangalelwa akethuli bufakazi obubambekayo nobuneqiniso bokuzivikela kodwa wenza amasu nje nezaba zokuvimbela ukuthi icala noma udaba lungaqhubekeli phambili. Igama elithi Stalingrad lethiwa ngokulandela impi yamazwe omhlaba, lapho izwe laseRashiya lalihlaselwe yiJarimane, lapho amasosha nabantu baseRashiya abenza onke amasu okucikela phansi nokuvimbela amaJarimani ukuthi angalinqobi idolobhakazi lekomkhulu lase Rashiya le-Stalingrad.

Libel: Isitatimende esibhaliwe esishicilelwayo esingelona iqiniso sokukhubaza nokukhinyabeza isithunzi somuntu nesenza ukuthi lowo muntu abonwe ngabanye abantu njengomuntu ongalungile.

Liability: Ukuba nomthwalo emahlombe akho wokuba necala elithize noma ngokulinyalelwa noma ukulahlekwa okuthize komunye umuntu noma abanye abantu.

Delictual liability: Ukuba ngasohlangothini olunephutha ngokomthetho, ecaleni elingelona lobugebengu, lapho umuntu onele omunye umuntu noma ukumlimaza ngamabomu noma ngobudedengu, okubangela ukuthi lowo muntu abe nokuhlahlekelwa noma ukulinyalelwa okwenza ukuthi lowo onecala kumele anxephezele lowo olahlekelwa noma olinyalelwe ngenxa yobudedengu noma amabomu.

Tort law: inqubo yomthetho kumacala ezokulahlekelwa noma ukulinyalelwa. Umthetho we-Tort law ubhekana nezinqubo zokunxeshezelwa komuntu olahlekelwe noma olinyalelwe ngenxa yamabomu noma ubudedengu bomunye umuntu.

Normative concept: Inqubo nombandela osetshenziswayo ukuhlola nokunquma ukuthi ngabe into noma isenzo ngesilungile noma esingalungile noma ukuthi ngabe leso senzo kuyinto okumele yenziwe enhle noma embi.

Determining liability: Ukunquma ukuthi ngabe umuntu unomthwalo wecala emahlombe akhe noma akunjalo kanye nokuhlola isinxephezelo umuntu okumele asikhokhelwe lowo olinyalelwe noma olahlekelwe.

Impute liability on the defendant: Ukubeka noma ukunquma ukuthi ngabe ummangalelwa unecala noma akanalo ngokulinyalelwa noma ukulahlekelwa komunye umuntu.