Jump to content

intombi

Kubuya ku Wiktionary

IsiZulu

[hlela]

uMsukagama

[hlela]

Elithi intombi livela esenzweni ukuthomba esivela olimini olwandulela isiNtu kwelithi tomba

Ibizomuntu

[hlela]

intombi (ubuningi izintombi)

  1. Owesifazane omncane ongakagani, kodwa okulungele ukuba angaqoma noma agane futhi alotsholwe.
    • Kanti umntakaSani useyintombi engaka, usengacelwa
      So Mr. So-and so's daughter is now a young lady fit for marriage
  2. Isinqandamathe esiqomile
  3. Itshitshi eliyintombinto, elingakaze lihlangane nowesilisa
    • Kuma kuphela izintombi esigcaweni
      Only virgins are given a recognized marriage ceremony

4. Isifenqo sokuteketisa indodakazi, esisetshenziswa umzali

    • ngiyazigqaja ngentombi yami
      i am proud of my little daughter

Amagama amqondofana

[hlela]
  • itshitshi
  • inkehli
  • inkazana,

Amagama asuselwa kulo

[hlela]

Izihumusho

[hlela]