Jump to content

ulimi

Kubuya ku Wiktionary

IsiZulu

[hlela]

ubhalo oluhlukile

[hlela]

ululimi, izindimi

uMsukagama

[hlela]

Ibizo

[hlela]

ulimi (ubuningi izilimi)

  1. isitho semisipha esisemlonyeni, esisetshenziselwa okunyakazisa Ukudla, ukunambitha, futhi esidikiziswayo ukuze kuguqulwe ukuphuma komoya emaphashini ukuze kuvele imisindo ehlukene yamazwi
  2. indikimba yamazwi, neqoqo lezindlela zokuwahlanganisa olubizwa ubhalomagama, kokubili kuqondwa umphakathi othile futhi kusetshenziswa njengendlela yokuxhumana
    • kunzima ukufunda ulimi olusha usumdala
      it is difficult to learn a new language in old age
  3. ikhono lokuxhumana ngokusebenzisa amagama namazwi
  4. indlela yokukhuluma, yokuvetheza esetshenziswa iqembu elithile labantu, enamagama okuzikhandela noma ahlukile kwajwayelikile, noma ahlozinge emkhakheni othile noma esifundeni esithile
    • umvethezo uwulimi lwesigodi
      a dialect is a regional language
      lencwadi igcwele ulimi lomthetho
      the letter is filled with legal jargon
  5. imiyalo ewulimi olusetshenziswa lapho kukitizwa izinhlelo zesicikizi nezinguxa
    • i-javascript ulimi lokuhlelelisa izizindalwebu
      javascript is a programming language for websites

Izihumusho

[hlela]

IsiSwahili

[hlela]

Ibizo

[hlela]

(ubuningi ndimi)

Ukuhunyushwa

[hlela]