umlomo
Ummomo

IsiZulu
[hlela]uMsukagama
[hlela]Elithi umlomo livela olimini olwandulela isiNtu kwelithi *mʊ̀dòmò
Ibizonto
[hlela]umlomo (ubuningi imilomo)
- (umhlakahlo) Isibhobo esingaphambili sesidalwa sokufaka ukudla
- kumele uvale umlomo lapho uhlafuna
- you must close your mouth while chewing
- kumele uvale umlomo lapho uhlafuna
- Imbobo, ubungeno noma ingcamu
- umlomo wesibhamu awufani nowegabha
- the mouth of a gun is different from that of a bottle
- umlomo wesibhamu awufani nowegabha
- Isikhulumi esiyinhloko, esiqokelwe ukukhulumela othile noma abanye
- izinyunyana ziwumlomo wabasebenzi
- unions are the mouth of the workers
- izinyunyana ziwumlomo wabasebenzi
Amagama ahlobene
[hlela]ilomo, isilomo, ubulomo,
Amagama asuselwa kulo
[hlela]umlomomnadi, umlomunenkwethu, umlomunengebe, usomlomo
Uliminyoninco
[hlela]- ukwanda ngomlomo - ukukhuluma safuthi
- ukuba nomlomo omude - ukudala izinkinga
- ukuba nomlomo omubi - ukusebenzisa amazwi ahlabayo
- ukuhlaba eyomlomo - ukuzihlabela isilwane sakho
- ayingangomlomo - ayilingani namahmuhemu
Amagama wokuhlonipha
[hlela]umshido, umshito, umsikinyo, ingcevu, umcumo, umgwinyo, umhlafu